X

Izithakazelo zakwa Nkosi

Ndlangamandla!

Nkonyane yenkosi!

Wena okaMphazima kaLanga

Wena okaMlotshwa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela

Nina bakaLanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngendaba

Nina bakaSoyidina odine abezizwe nabezizwana

Mawandla kaNdlovu

Siwela sasemaNdlovini esadla ekhaya ngokweswela abelusi

Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi

Nina bakaBheje eseNgome!