Izithakazelo zakwa Sibiya
Ndaba
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazane bebiya ngamahlahla
Nina bakwankom'isengelwa emaweni
Ingasengelw'esibayeni akuyon'eyakhona
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy'esokeni
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi
Wemuka noGodokazi way'eMfolozi
UHhiya kwabanani
Okwaphwekwa esendlini
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!